Bengithi lizokuna NG Sibiya Isahluko 04
InstaPro
0:00 / 0:00
Bengithi lizokuna NG Sibiya Isahluko 04
731 просмотр · 4 года назад
InstaPro
34 подписчика
731 просмотр · 4 года назад
Nakanjani G Sibiya – Inkululeko yezwe iNingizimu Afrika ithintane nazo zonke izinhlangothi zezimpilo zabantu. Abantu bobulili obufanayo sebevumelekile ukushada, bakhe umuzi babuye baqale nomndeni. Umuntu useyakwazi ukuziguqula ubulili ukuze abe yilokho afisa ukuba yikhona. Noma umthethosisekelo wezwe ukweseka lokhu, iningi Labantu lisakubukela phansi lokhu kuziguqula kwabantu. Kuyoba yini ke emzalini wensizwa othi ebhekelele ukuba izoletha umlobokazi azwe ingane yakhe isimethulela enye insizwa okuyiyona efisa ukushada nayo? Umnumzane uHlomuka uzithola ephakathi kwale nkinga yokuthi uHlomuka omncane yena uthi uzizwa eyintombazane ngakho akazimisele ukuganwa yintombi ngoba yena ethi uthandana nabanye besilisa. Izinkinga ezilandela lesi sinqumo sendodana siletha uchungechunge lwezehlakalo ezihlumeza abaningi emiphefumulweni.