Перейти к содержимому

Anointed Sounds - Khayelihle khaya lami

Anointed Sounds

0:00 / 0:00

Anointed Sounds - Khayelihle khaya lami

5 098 просмотров · 6 лет назад
Anointed Sounds
1,67 тыс. подписчиков
5 098 просмотров · 6 лет назад
1. Khay'elihle, khaya lami, Mangingene esangweni; Mangiziphumuze kuWe, Khay'elihle, khaya lami . 2. Kade ngangizukazula, Ngingabon'ubuhle baKho; Sengifuna ngokufisa Ngikubone, khaya lami . 3. Kunenhlanhla kuWe, khaya! Alusekho ulusizi; I'nyembezi ziyesulwa, Khay'elihle, khaya lami . 4. Abalambi abakithi, Abasomi, abasweli; Bayaluswa oyiMvana, SebekuWe, khaya lam' . 5. Sengiyezwa ubumnandi Obuvela kuWe, khaya; Ngizongena masinyane, Khay'elihle, khaya lam'.