Перейти к содержимому

Indaba edaza inkani IsiZulu Philani Lithandane Ndlovu

Iclas Virtual

0:00 / 0:00

Indaba edaza inkani IsiZulu Philani Lithandane Ndlovu

2 985 просмотров · 6 лет назад
Iclas Virtual
5,81 тыс. подписчиков
2 985 просмотров · 6 лет назад
Ukubhalwa kwendaba edaza inkani okungase kube indaba ebhalwa ngolimi lwesiZulu noma ngezinye nje izilimi. Kuningi okudingeka ukuba umuntu akuqaphele uma ebhala indaba. Kukhona izimpawu ezisobala zendaba kanye nezinye ezisithekile. Isihloko sendaba edaza inkani yileso esiveza ukuba kukhona imibono emibili ephathelene naso. Ngokungaboni ngaso linye kwabantu, umuntu ngamunye uthatha uhlangothi olulodwa okuyilona azolweseka ngamaphuzu akhethekile. Umbhali uveza imibono / amacala amabili aphikisanayo ngaphambi kokuba aveze ukuthi yena ukholelwa kuluphi uhlangothi noma umbono. Ngokunjalo-ke, umbhali kudingeka abonise ukujula komqondo ukuze aveze ngokusobala ukuhluka nokungavumelani kwemibono. Amaphuzu ahlelwa ngendlela ebonisa ukuthuka kwenkulumompikiswano ethintene nodaba olumqoka.