Перейти к содержимому

Impi Yabomdabu Isethunjini - Grade 12 Ulimi Lwasekhaya Isahluko sesi-4.

IsiZulu: Grade 12 Intervention

0:00 / 0:00

Impi Yabomdabu Isethunjini - Grade 12 Ulimi Lwasekhaya Isahluko sesi-4.

5 846 просмотров · 6 лет назад
IsiZulu: Grade 12 Intervention
10 тыс. подписчиков
5 846 просмотров · 6 лет назад
Indikimba yobuqhingi ibonakala nasesibhedlela la kusebenza khona uPoppie. Uneqembu lakhe lomethiloni elibizwa nge- Proud Six elihlala likhuluma ngabayeni, izingane izimoto nokunye okuphambili. Kube nalelo elitadisha ne-UNISA bese kuba nelabantu phaqa elingaphileli ukuqhudelana namuntu, liphatha amadumbe alikudli ukudla okuthengwe esibhedlela. UPoppie wayeziphatha kabi iziguli zasemakhaya nezaseMpaphala njengoSizwe nobaba uMdluli. Umethiloni Mngadi wayethi uLinono udadewabo kaPoppie kodwa uPoppie wathi yena udadewabo uNightingale. Naye wayemtshelile ukuthi ahlele wangamlalela wagcina ngokukhulelwa. Ingane wagcina eyihambise kubo kwaMncwabe. UPoppie wanqaba ukuthatha izingane ngoba ethi uzoba inhlekisa kwabaziyo ukuthi wathi ngeke azithathe izingane zikaLinono. Wameluleka umethiloni Mngadi ngokuthi ayeke ukukhuluma izindaba zomuzi wakhe neningi nokuthi limnqumele ngalokho azokwenza emzini wakhe.