Перейти к содержимому

(Siyakholwa) Isivumo Sokholo SaseNikhiya Nicene Creed

Busi Skinn'e Mjiyakho

0:00 / 0:00

(Siyakholwa) Isivumo Sokholo SaseNikhiya Nicene Creed

326 881 просмотр · 12 лет назад
Busi Skinn'e Mjiyakho
4,51 тыс. подписчиков
326 881 просмотр · 12 лет назад
Facebook: Facebook.com/Skinne.Bee Instagram: instagram.com/skinne_bee Snapchat: skinne_bee Twitter: twitter.com/skinne_bee blog: thecostofabornfree.wordpress.com LYRICS Siyakholwa kuNkulunkulu munye uYise uSomandla, umenzi wezulu nomhlaba, Nokwakhe konke okubonakalayo nokungabonakaliyo. Siyakholwa nakuyo iNkosi inye, uJesu Kristu, indodana evele iyodwa kuNkulunkulu, ivele kuYise kungakabikho izikhathi zonke; inguNkulunkulu ivela kuNkulunkulu, ingukuKhanya ivela kukho ukuKhanya, inguNkulunkulu impela ivela kuNkulunkulu impela, Eyavela, engenziwanga, isiqhu sayo sisinye nesikaYise, Okwenziwa yiyo konke: Eyehla ezulwini ngenxa yethu thina 'bantu nangokusisindisa, Yenziwa inyama ngoMoya oy'iNgcwele kuyo intombi uMaria, Yaba umuntu, Futhi yabethelwa esiphambanweni ngenxa yethu kuPontiu Pilatu. Yahlupeka, Yafa, Yangcwatshwa. Ngosuku lobuthathu yabuya yavuka njengokusemibhalweni, yenyuka yaya ezulwini, Isahlezi khona ngasekunene kukaYise. Iyakuphinda ize nodumo izokwahlulela abasekona nabafileyo: Umbuso wayo awuyikuphela. Siyakholwa nakuMoya oy'iNgcwele, oy'inKosi, ophilisayo, Ophuma kuYise nakundodana, Obongwayo edunyiswa kanye noYise nendodana, Owashumayela ngabaProfethi. Siyakholwa nakulo ibandla linye eliKatolika elabaPhostoli. Sivuma umbabathizo munye wokuthethelela izono. Sibheka ukuvuka kwabafileyo, Nokuphila kwezikhathi esizayo. Amen.